UMnyango wezoLimo uhlola amasampuli ezimbewu ukuqinisekisa ukuthi zimsulwa ziqhuma ngokufanele futhi ziyakwazi ukuqhubeka.
Zonke izimbewu, ezithengiswayo nezinezitifikedi zokuvunyelwa , ziyahlolwa.
ukuthatha nje ngokukhetha kuphi nakuphi izimbewu ezisolisayo izinhlobo zezitshalo ezinezinkinga.
Amasampuli ayohlolwa ukubona ukuthi ngabe ahambisana nomthetho wokuthuthukiswa kwezitshalo we-Plant Improvement Act, ukuhlola ukuthi ngabe izimbewu zimsulwa yini kanye nokuthi ngabe zizokwazi yini ukuqhuma noma ukuqhubeka kahle.
Abahloli bayaziswa ngemiphumela.
Uma imiphumela ibonisa ukuthi izimbewu azihambisani nomthetho, zingahoxiswa ezimakethe ukuthi zingathengiswa noma zingafakelwa amalebuli.
Njengoba lokhu kuhlolwa kwezimbewu kwenziwa ngokulandela umthetho kazwelonke, akukhokhiswa lutho. Kodwa, uma umuntu lapho okuthathwe khona isampuli ecela imiphumela yohlolo, ngendlela yombiko wohlaziyo lohlolo obizwa iSeed Analysis Report, kumele kube nenani lemali evunyele ngabomnyango wezimali okumele likhokhelwe. Kuzokhishwa i-invoice.
Khumbula ukufakela inombolo yesiliphi sokukhokha ukuze iqhathaniswe ne-invoice ekhishiwe.
Isiteshi esisemthethweni sokuhlola izimbewu , sisebenzisa inqubo ebonelela okubalulekile nokumele kubonelelwe kuqala ekuhloleni . Ngoba izitshalo ezehlukene zinezimo ezehlukene zokuhlolwa, isikhathi sokuhlola singathatha izinsuku ezimbalwa ukuya kumaviki ambalwa. Uma unemibuzo qondana nesikhungu uqobo.
Le nkonzo itholakala mahhala.
Awekho amafomu agwaliswayo.
